Manje Kuyanyatheliswa
Incwadi

UBhilidadi Uphinda Akhulume

Inkulumo yokugcina kaBilidadi inamavesi ayisithupha, futhi akukho okusele kuyo ngaphandle kokuqhela: ukubusa kungokukaNkulunkulu, ngisho nenyanga nezinkanyezi azihlanzekile emehlweni akhe, pho, umuntu ofayo uyini? Impethu, isibungu. Impikiswano yabangane isiphelelwe ngamazwi.

Isahluko 25.

Wayesephendula uBhilidadi umShuhi wathi: “Ubukhosi nokwesabeka kungokwakhe; wenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakeme. Kukhona yini ongawubala amabutho akhe? Ukukhanya kwakhe akuphumeli yini kubo bonke? Pho, umuntu angalunga kanjani phambi kukaNkulunkulu? Angaba msulwa kanjani ozelwe ngowesifazane? Bheka, ngisho inyanga ayikhanyi, nezinkanyezi azimsulwa emehlweni akhe; kakhulu kangakanani umuntu, oyimpethu, nendodana yomuntu, eyisibungu!”